UBlack Coffee ukhumbula ingozi eyamshiya nengalo engasabenzi

2017-02-14 09:30

Johannesburg - UDJ ohlonishwayo kuleli kanye naphesheya kwezilwandle, uBlack Coffee, usefake umbhalo enkundleni yezokuxhuama, u-Instagram ekhumbula usuku abandakanyeka ngalo engozini eyashiya ingalo yakhe yangakwesobunxele ikhubazekile.

OLUNYE UDABA: UHLU OLUPHELELE: Bonke abawine kuma-2017 Grammy Awards

“Umhlaka-11 kuFebhuwari wusuku uNelson Mandela akhululwa ngalo ejele… kuphinde kube wusuku uNkulunkulu anginika isivumelwano esisha empilweni ngemuva kwengozi yemoto eyashintsha impilo yami ngesikhathi ngikhumbula ukukhululwa kwakhe ezitaladini zaseNgangelizwe,” ubhale kanje.

Uqhube wathi esikhathini esingaphambilini lolu suku lalujwayele “ukumsinda”, wathi kodwa manje usekhetha ukulugubha lolu suku.

“Ezinsukwini ezidlule lolu suku lwalujwayele ukusinda kumina… futhi namanje lusenakho ukukwenza lokho kodwa uma ngibheka emuva ukuthi sengihambe ibanga elide kangakanani kusukela lapho ngingabonga kuphela ngokuthi lolu suku lungishintshe kanjani ukuze ngibe yindoda engiyiyona… ngemuva kweminyaka engu-27 ngikhetha ukulugubha lolu suku.”

Zifundele umbhalo kaBlack Coffee ophelele lapha:

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.