Ubonakale ethwabaza nqunu eyolanda imali yokukhokhela utshwala

2016-07-28 07:56

Johannesburg - Owesilisa ophuze utshwala wabesehluleka ukukhokha imali ushiye izingubo zakhe endaweni yokucima ukoma njengesiqinisekiso sokuthi uzokhokha, wabesehamba enqunu eyolanda imali, kusho amaphoyisa aseCzech

I-video ethwebulwe enye yamakhamera onogada ifakwe ku- www.idnes.czs iveza lo mlisa ezihambela ngonyawo enqunu edolobheni lasePrerov ngoMsombuluko ntambama, ephethe iselula ngesandla.

Funda nalolu daba: Unqatshelwe ushwele owafaka ingane kuhhavini

Ngokuhamba kwesikhathi amaphoyisa amtholile lo mlisa wawatshela ukuthi uphuma endaweni yokucima ukoma, uyolanda imali yokukhokha.

Amyekelile wayolanda imali wabeseyokhokha, wathola izingubo zakhe.

Amaphoyisa edolobha athi lolu daba aludlulisele emaphoyiseni oMbuso ukuze aphenye.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.