UBonang uphe abafundi abangu-10 imifundaze

2017-01-30 11:30

Johannesburg – Usaziwayo wakuleli ophinde abe ngumethuli wezinhlelo emsakazweni kanye nakumabonakude, uBonang Matheba, usesize abafundi abayishumi ukuba bakwazi ukufezekisa amaphupho abo okuqhuba izifundo ngokubanikeza imifundaze.

Omunye wabalandeli obephuphuma injabulo, ozithole esesohlwini lwabafundi abanenhlanhla abazokhokhelwa izifundo ngu"Queen B", uveze lezi zindaba enkundleni yezokuxhuma iTwitter kanye nohlu lwabanye abafundi abakhethiwe.

OLUNYE UDABA: Sekuputshuke imiyalezo kaBonang egxeka uMinnie Dlamini

Lo mlandeli onguKaren Mthethwa ubezwakalisa ukungakholwa ukuthi nguyena impela lo ozobe efundiswa yilo saziwayo.

Ubhale wathi: “UBonang Matheba uyisa mina esikoleni????”.

UBonang ube esemphendula ngokuqinisekisa ukuthi uzomyisa esikoleni wabe esembongela.

Abantu besifazane abanezitifiketi zika-matric bebekwazi ukufaka izicelo zomfundaze kwelinye lamakolishi emfundo ephakeme, iBoston College.

Labo abafaka izicelo bekudingeka ukuba babhale incwadi egqugquzelayo futhi bachaze ukuthi lo mfundaze uzozishintsha kanjani izimpilo zabo.

Imifanekiso:

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.