Johannesburg - Akukapheli ngisho amahora angu-24 u-AKA noBonang behlukene kodwa sebebuyelene kulandela ukuhlukana kwabo ngoLwesihlanu ntambama.
Njengabo bonke abantu abathandanayo, nathi besixabene, kusho u-AKA.
U-AKA ubhale enkundleni yezokuxhumana ukuthi bebexabene njengazo zonke izithandani.
OLUNYE UDABA: Umrepha udalule ukuthi usehlukene nomethuli wezinhlelo ku-TV
UTwitter uphayize elibomvu ilambu ngoLwesihlanu ntambama ngesikhathi u-AKA ememezela ngokuhlukana kwakhe noBonang njengoba bekungesikho okokuqala.
Ngonyaka ofile lezi zithandani zake zaxabana u-AKA waze wadilitha zonke izithombe zikaBonang ezisenkundleni yezokuxhumana.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter