Ubonga ama-Idols u-Amanda Black

2017-05-29 16:01

Durban - Uthi kuvuleke amazulu ngokuklonyeliswa emcimbini wama-South African Music Awards u-Amanda Black.

Lo mculi ogoduke nezindondo ezintathu kulo mcimbi obuseSun City ngoMgqibelo uthi asaqhubeka nokuvuleka amazulu empilweni yakhe.

U-Amanda ogoduke nezindondo ze-Best Female, eye-Best Newcomer neye-Best AfroSoul/Raggae utshele ILANGA ukuthi ngesikhathi engena ngembobo yenaliti kwi-top 10 emncintiswaneni wama-Idols ngo-2015 yilapho eqale khona ukuvuleka amazulu.

OLUNYE UDABA: BUKA: Uthi ugeza izandla uBabes wodumo obuye washweba nakulokhu

"Nakuba ngingawawinanga ama-Idols kodwa ngiyabonga ngethuba eliwavulile empilweni yami. Namanje angikakukholwa okwenzekayo, kungathi ngiyaphupha.

"Ngiyabonga kakhulu angazi ukuthi ngingaqhubeka ngithini," esho ngemuva kokuklonyeliswa indondo ye-Best Female ngoMgqibelo ebusuku.

U-Amanda ulandele uKwesta ogoduke nezindondo eziyisithupha kulo mcimbi.

Kuzokhumbuleka ukuthi nasemcimbini wamaMetro FM Awards u-Amanda wenze ezibukwayo njengoba nakuwona ewole izindondo.

Uthi lo nyaka usamphethe kahle kakhulu "Njengoba ungibona emzimbeni ngiphatheke kahle kakhulu ngenxa yabantu abangemukele ngemfudumalo kulo mkhakha," usho njalo.

Kube nemibono eyahlukene ngomcimbi wamaSama alonyaka njengoba bekunabanye abebewuncoma nendlela ohambe ngayo kanti abanye bewuhlaba bewuhlikiza.

Nakuba imibiko ibihlukene kodwa uSomizi Mhlongo noTumi Morake abebephethe uhlelo kuthiwa benze umsebenzi oncomekayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

C# Developer

Cape Town
Goldman Tech Resourcing
R300 000.00 - R360 000.00 Per Year

Business Development Manager

Western Cape
Tumaini Consulting
R520 000.00 - R620 000.00 Per Year

Investment Associate

Cape Town
Mass Staffing Projects
R620 000.00 - R780 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.