Ubonga uSomnandi ngokumvulela amathuba amahle kuMaskandi

2017-07-26 15:59

Durban - Uyawucula impela umasikandi kodwa obekusothandweni lakhe kakhulu wukuthi acule umculo wokholo ngoba ekholwa wukuthi ungaphilisa abaningi eNingizimu Afrika ngokudlulisa kwakhe umyalezo.

UBonakele Masango, 31, wakwaQhutha oNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uhlonishwa kakhulu ngenxa yephimbo elimnandi kanti nokusebenza kwakhe nabaculi abahlonishwayo kumthathe kwambeka ezingeni eliphezulu. ILANGA likuthatha likubeke ngomlando wale ntokazi kwezomculo kamasikandi ezisho kanjena uma isizihasha:

"UBonakele intombi kaMasango 
Ezalwa umasis’ ilele njenkosi,
Unomasikisiki inyoni esindwa sisila sayo,
Umntaka Phasha Mvashane,
Ndudla msikele, 
Phihli mahlazo kamkhwekazi,
umtaka Sbhidli somuntu omkhulu,
udadewabo unophuthu bathi unqwamana nensimbi kanti unqwamane nejolomba."

UBonakele nakuba engenazo izihasho zakhe ezithi yena ngoba ubeyintokazi ekhuliswe ngenkonzo ekhaya kodwa ubizwe ngoNomasikisiki inyoni esindwa yisisila sayo ngenxa yokuthi unesinqe ngokwendalo kanti lezi ezinye izihasho ngezikayise omzalayo.

Ngomlando wakhe kwezomculo, uthi yena unesiphiwo esikhulu sokucula nokubhala ingoma ngoba leli khono liqale ukubonakala ebambe iqhaza elikhulu esikoleni, uze unezinkomishi ezingaphezulu kwezintathu azishiye esikoleni ziwinwa ngenxa yakhe. 

Uthi ubengakaze azibone ecula uMasikandi kodwa uqale ukuwunakisisa langa limbe elibangise eGoli egibele ibhasi ezwa kudlala izingoma zikaThokozani Langa waze wanothando lwawo waqala walandelela kancane.

Utshele ILANGA ukuthi kubo oNdini bekuphilwa ngomculo wokholo kuphela engekho umuntu onendaba nomasikandi. 

"Ngikhuliswe ngugogo okuthe uma eshona emhlabeni ngase ngiya eGoli ngayohlala nomama kwazise ubesebenza ngakhona, ngamxoxela kanti bengijwayele ukubona uSomnandi edlula lapho ebesihlala ngakhona eDiepkloof eZone-6 eSoweto eGoli.

Ngonyaka wezi-2004 ngaze ngazijuba kuyena ngamtshela ngothando lomculo kodwa waba nokungingabaza ngoba besingazani.

Ngixoxele umama ongapholisanga maseko waqonda kuSomnandi wamcela ukuba angisize ngenxa yokuthi uSomnandi uyabahlonipha kakhulu abantu abadala ngampela wamlalela umama wazehlisa wathi angifike sizoxoxa.

Ngifike kuyena ezilungiselela enye yama-albhamu akhe wanginika izinsimbi zodwa wathi angicule efuna ukuzwa amanzi ngobhoko, nebala walithokozela ikhono lami walifaka iphimbo lami ku-albhamu yakhe ethi Ilanga lishonile okuyingoma eyathandwa kakhulu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.