Ubonge bonke abamfakela ingcindezi uKomphela, 'evalelisa'

2018-04-16 09:31

Johannesburg - "Njengoba sengihamba, kumele ngibonge wonke umuntu,” lawa ngamazwi ashiwo umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela ngemuva kwehlula iPlatinum Stars.

Amakhosi awine ngegoli elilodwa eqandeni emdlalweni we-Absa Premiership abawudlale neDikwena ngeSonto ntambama kulandela ukwehlulwa kabuhlungu emdlalweni owedlule yiChippa United.

IChiefs ikhiphe isitatimende phambilini ithi izokwenza izinguquku ekupheleni kwesizini.

IChiefs nokho ayishongo lutho ngekusasa likaKomphela, nakuba inkontileka yakhe izophelelwa yisikhathi ekupheleni kwesizini.

OLUNYE UDABA: UZwane ubonge abalandeli behlula iWits

Nakuba kunjalo, uKomphela ubonge bonke abamfakele ingcindezi, wakuveza nokuthi ‘uyahamba’.

Uthe ubonga bonke abamfakela ingcindezi ngoba ngabe akavuthwanga kanjena ukuba lokho akwenzekanga.

“Ingcindezi iyona ekwenza ngozono.”

“Sengikhulile kakhulu manje. Angiseyena lo mqeqeshi engafika nginguyena kwiChiefs, njengoba sengiphuma nje kumele ngibonge bonke abantu.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.