Ubonge umndeni noNkulunkulu uMroza

2017-11-02 16:00

Durban - "Ngiphunyule bengibophele amanqinya enyathi, kwasho ukuthi konke okwenzekayo kakusikhona ukuhlakanipha kwami."

Lawa ngamazwi esihlabani sikamasikandi, uSthembiso "Mroza" Fakude waKwaHlabisa, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ephawula ngokululama kwakhe emuva kokugula amasonto amabili ephanjanelwe yikhanda.

Lo mculi odume ngengoma ethi Elamanqamu - enezinhlamvu ezithi "Siyobulala uVan Damme" - ehlukanise unyaka wezi-2016/17, uthi usephila saka nakuba ngoLwesibili ntambama ezinkundleni zokuxhumana besekusabalele amahlebezi okuthi akasekho emhlabeni.

Uthi akasaphazamisekile emqondweni, konke sekuhamba kahle emuva kokwelashwa ngokwesintu.

"Kangazi nokuthi ukugula kungiqale kanjani, uma ngingathi kukhona engikukhumbulayo, ngabe ngihubhuza amanga ngoba nalaba abathi bangithole ngihamba ngezinyawo sengihlaselwe wukugula, kangisabakhumbuli.

"UNkulunkulu ungivikelile, kayenzekanga intando yomuntu obezama ukuganga. Nokho kungiphathe kabi kakhulu ukusabalala kwezindaba zokuthi kangisekho emhlabeni ngoba kakusikhona okokuqala kuzwakala le nkulumo," kusho uMroza.

Ubonga umndeni wakhe okhombise uthando ngesikhathi sobunzima abebhekene nabo.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa uMroza fanele abonge inyanga ngodumo lwakhe

Lo mculi bekumqale emasontweni amabili adlule ukugula okubikwa ukuthi ubesestudiyo eTakk eGoli, eyolekelela elinye iqembu likamasikandi ebeliyoqopha i-albhamu yalo.

Kubonakale ukuthi kukhona okushaya amanzi ngenxa yezinkulumo zakhe njengoba ebesekhuluma noma yikanjani - ngokwendalo yakhe uzothile.

"Ubekhuluma yedwa ethi sekulungile, akabulawe kodwa izwe kumele lazi ukuthi ubulawelani esho namagama abantu abambulalayo," kusho umthombo.

Emuva kwalokho kuthiwa kutheleke abafana bakubo kaMroza bethi bathole umqhafazo ovela kuyena ethi kunamadoda agcwele estudiyo aphethe izibhamu afuna ukumbulala.

Uduke mhla zili-18 kuMfumfu (Okthoba) waze watholwa ngamaphoyisa aseRandfontein zingama-20 ntambama, emuva kokuba udaba lubikwe esiteshini samaphoyisa eJabulani, eSoweto.

Utholwe esegula ngomqondo eshayiwe, imoto yakhe yatholwa kwenye indawo ingenamuntu phakathi.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.