Uboshelwe ukweba iHunters Extreme obezenza ikholwa

2016-12-01 13:30

Limpopo - Umphakathi waseLimpopo uthuka izanya njengoba kudlange owesilisa okuthiwa igebenga umphakathi ngokuthi izenze ikholwa elilethe umkhuleko.

Le ndoda kuthiwa ibanjiswe ukukhala kwama-alamu ngesikhathi izama ukweba utshwala bohlobo lwe-Hunter’s Extreme.

Lo wesilisa waseBela Bela, eLimpopo, uboshwe ngemuva kokutholakala nesikhwama esigcwele izimphahla ezebiwe ngoLwesibili.

Le ndoda kuthiwa ibizenza isithunywa seNkosi ihamba ingena imizi ngemizi iphethe iBhayibheli ifundela abantu amavesi.

Ibishiya izakhamuzi zibusisekile ngokudla komphefumulo bese iyabuya ntambama isizokweba lokhu ekubonile ngesikhathi ihambisa izwi.

OLUNYE UDABA:Ubhaxabule isigebengu simbamba inkuzi, wase ethatha i-selfie

Uphelelwe ngamaqhinga ngeSonto ebusuku ngesikhatihi efika endaweni yokucima ukoma lapho efike wahlola khona isimo sendawo ngenhloso yokubuya ebusuku esezogqekeza.

Uhlale kule thaveni kwaze kwavalwa ngo-02:00 ezintatha wase ezenza umuntu ohambayo nabanye abantu, kubika iDaily Sun.

Ubuye wabuya ngokuhamba kwesikhathi ethi uzogqekeza lapho efike wathatha khona umsakazo kanye ne-six pack yeHunter's Extreeme, kanti kuzoba ubuwelewele kukhala ama-alamu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.