Uboshiwe ogwaze isoka elinqabe ukwenza i-threesome

2017-02-04 13:52

Phoenix - Owesifazane wase-Arizona ugwaze isoka lakhe ngesikelo ngemuva kokuba linqabe ukuzibandakanya ocansini nabesifazane ababili ngesikhathi esisodwa, i-Threesome, kusho amaphoyisa.

Ngokusho kwamaphoyisa, uTeresa Gillard, 42, ubhekene namacala amabili, elokungaziphathi kahle nelokuhlasela ngenhloso yokulimaza kuilandela inxabano eyayiphakathi kwakhe nesoka endlini yabo eseLake Havasu City.

Njengamanje uGillard ugcinwe ejele iMohave County.

OLUNYE UDABA: Izovela maduze egwaze intombi ngesikelo e-salon eGoli

Ngokwemininingwane yamaphoyisa, uGillard watshela amaphoyisa ukuthi wamemela endlini yakhe nesoka umngani wakhe omusha ahlangana naye epaki ngenhloso yokuthi bazibandakanye ocansini bobathathu, okuyintio abahlezi beyixoxa nesoka.

Kodwa uGillard, eqhuba uthe isoka lakhe lalingaphilile yingakho lanqaba ukwenza i-threesome.

Lezi zithandani zeminyaka zaqala ukuxabana ngemuva kodaba lwe-threesome eyanqatshwa yisisulu.

Ngokusho kwabaphenyi ingxabano yazo yaholela ekutheni umsolwa agwaze isisulu ngesikelo, ephindelela.

UGillard esephekwa ngemibuzo walivuma icala lokugwaza isisulu.

Kube sekuzwakala ukuthi uGillard ungumuntu oniodlame njengoba kuvele onke amacala ake athweswa wona.


 - TSG


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.