Uboshiwe okutholwe izidakamizwa epotimendeni lakhe eKapa

2016-07-15 11:30

Cape Town - Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-34 ubudala esikhumulweni sezindiza eKapa ngoLwesine ekuseni ngemuva kokuba kutholakale izidakamizwa zohlobo lwe-Tik zemali engaphezu kwengu-R1 million phakathi nezimpahla zakhe kwipotimende lakhe.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uConstable Noloyiso Rwexana uthe lo wesifazane ungene ebhanoyini esuka -OR Tambo airport eGoli. 

OLUNYE UDABA: Izidakamizwa zezigidi zamarandi zitholakale esikhumulweni sezindiza

"Amaphoyisa abesesha izikhwama ngokujwayelekile kwathi sekuseshwa ipotimende lakhe kwatholakala izidakamizwa i-Tik zifihlwe phakathi kwezimpahla zokugqoka.

"Lezi zidakamizwa zilinganiselwe emalini engu-R1.125 million ngentengo yasemgwaqeni," kusho uRwexana.

Lo wesifazane uboshiwe kanti uzovela eNkntolo yeMantshi yaseBellville ngoMsombuluko ngecala lezidakamizwa, usho njalo, kubika iSowetanLive.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.