Uboshiwe oshayise isihlahla elayishe izingane zesikole

2017-08-28 12:33

Johannesburg - Uboshiwe umshayeli wetekisi ngecala lokushayela ephuze amanzi amponjwana ngemuva kokushayisa isihlahla, kwalimala izingane zesikole ezingu-13 eMeadowlands, eSoweto, ngoMsombuluko ekuseni.

UWyne Minnaar wamaphoyisa omgwaqo eGoli, uthe izingane ezineminyaka elinganiselwa kwengu-7 ubudala ziphuthunyiswe esibhedlela iChris Hani Baragwanath.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele umfundisi ngokushayela budedengu

"Umshayeli wetekisi yohlobo lwe-VW obehambisa izingane esikoleni uboshwe ngemuva kwezithuba zabo-07:00 namuhla ekuseni ecwile ezinkambini zikaFaro."

Lo mshayeli ulindeleke ukuba avele enkantolo yemantshi yaseMeadowlands khona namuhla (ngoMsombuluko), ngecala lokushayela ephuze utshwala nokushayela budedengu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.