Uboshiwe oshise ubuthongo ngemuva 'kokudlwengula'

2017-02-14 19:32

Durban - Igcine ikwazile ukuphunyula kumdlwenguli wayo intombazane esikhulile yaseShowe ngemuva kokuba ebanjwe yisithongwana eqeda ukuyihlukumeza ngokocansi ngempelasonto, kusho amaphoyisa.

Iphoyisa elinolwazi ngophenyo elikhulume nabezindaba ze-TMG Digital lithe, kuthunjwe intombazane eneminyaka engu-17 ubudala ngoMgqibelo ebusuku, ikhonjwe ngesibhamu.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele 'owadlwengula' wahuqa ubuthongo

"Le ntombazane yadonselwa ehlathini ngesikhathi ilibangise ekhaya, yadlwengulwa. Ngemuva kwesikhashana le ndoda yazumeka, le ntombazane yabe isithola ithuba lokweqa yayobikela abakubo ngodaba," kusho lo mthombo.

Ngosuku olulandelayo, amaphoyisa aqonda kumsolwa endaweni yaseVuma.

"Ngesikhathi amaphoyisa esesondela kumsolwa, umsolwa wavele wakhipha isibhamu wakhomba amaphoyisa ngaso."

Amaphoyisa abe esevulela ngenhlamvu ebhekise kumsolwa, wadubuleka onyaweni.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uqinisekise ukuthi le ndoda iphuthunyiswe esibhedlelea saseShowe kodwa ngemuva kwesikhashana yaphuma yabe isiboshwa.

Umsolwa ubhekene necala lokudlwengula nokuthumba.

 - SowetanLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.