Uboshiwe oshiye izingane zodwa eyophuza isiwasho esontweni

2017-08-16 11:02

Johannesburg - Amaphoyisa abophe owesifazane oneminyaka engu-54 ubudala waseSoweto eGoli, ngemuva kokushiya izingane zakhe zodwa emzini wakhe yena eyophuza amanzi angcwele esontweni.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Mpande Khoza uthe lo wesifazane ukhiyele izingane zakhe emzini wakhe eChiawelo, eSoweto, ngoLwesibili ekuseni. 

Ingane endala ineminyaka engu-6 ubudala, ilandelwe enezinyanga ezingu-11 izelwe, kuze enezinyanga ezingu-9 izelwe kanti eyokugcina inezinyanga ezintathu izelwe.

OLUNYE UDABA:"Amanzi athandazelwe yiwona abulala ugogo"

"Amaphoyisa ancinzwe indlebe ngomakhelwane ngemuva kokuzizwa zikhala zimemeza ngaphakathi emzini walo wesifazane. Ngokusho komakhelwane bathi lezi zingane zikhale kusukela ngabo-09:00 ekuseni kwaze kwafika amaphoyisa ngezithuba zabo-14:30. Bathi bazamile ukuvula izicabha, kodwa zikhiyiwe.

"Ngesikhathi kufika amaphoyisa kulo muzi enye yalezi zingane ibisishelwe nayizwi ngenxa yokukhala.

"Kusolwa ukuthi lo wesifazane ushiye lezi zingane ngaphambi kwezithuba zabo-09:00 ekuseni. Uthe uphuthume esontweni eyophuza amanzi angcwele, kodwa inkinga ukuthi ufike esontweni kunolayini omude, wangakwazi ukusheshe abuye," kusho uKhoza.

Amaphoyisa aphule izicabha akwazi ukungena ngaphakathi, afica izingane zilambile futhi zikhala.

"Enye yalezi zingane ibinomkhuhlane kanti enye ibivuvukele esweni. Izingane zigcinwe kosonhlalakahle. Sicela ukuba bonke abazali abahlala nezingane ekungesizo ezabo baqaphele uma begada izingane," kusho uKhoza.

Lo wesifazane uzobhekana necala lobudedengu bezingane.

 - Dispatch Live

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.