Uboshiwe osike imbangi isitho sangasese wasishaya nethoyilethi

2016-07-05 13:32

Tokyo – Ugwetshiwe owayengumdlali wamankomane eJapan kulandela ukushumpula ubuntu beshende likankosikazi wakhe ngesikelo sasengadini, wase ebushaya nethoyilethi.

U-Ikki Kotsugai, 25, wenza lesi sigameko ngo-Agasti 2015 ngesikhathi engena nezicabha ehhovisi leshende likankosikazi elingummeli.

UKotsugai kuthiwa wacasuka ngesikhathi ecabanga ukuthi unkosikazi wakhe waphoqwa ukuba alale nomphathi wakhe, ekubeni laba balala bevumelene.

OLUNYE UDABA: Kuphume isidumbu imbangi ivukwa yisikhwele

Iphephandaba iSankei Shimbun libike ukuthi unkosikazi kaKotsugai waqamba amanga kumyeni wakhe wathi waphoqwa ukuba alale nesisulu.

Ummangalelwa ube esegwetshwa iminyaka emine nezinyanga eziyisithupha esejele ngoLwesibili.

UKotsugai waxolisa esisulwini, naso saxolisa ngokujola nonkosikazi wakhe, kusho umbiko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.