Uboshiwe osolwa ngokubulala eHillbrow Theatre

2017-08-29 09:31

Johannesburg – Kuboshwe owesilisa ngecala lokudubula eHillbrow Theatre, nalapho kushone khona umuntu oyedwa, kwalimala abanye abaningi.

Ukuboshwa kwakhe kulandela ukuthungathwa ngamaphoyisa ngemuva kwesigameko esenzeke ekuseni ngeSonto.

Amaphoyisa aseGauteng athi umsolwa, 33, uboshwe ngemuva kwesigameko sokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe esenzeke ngemuva kwesigameko sokudubula ngeSonto.

Ngesikhathi eboshwa, amaphoyisa abengazi ukuthi umsolwa nguyena ofunwa ngecala lokudubula eHillbrow Theatre.

OLUNYE UDABA: Kugxekwe ukubulawa kwabantu abangu-6 eKZN

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uLungelo Dlamini uthe bathole ngoMsombuluko ngemuva kophenyo ukuthi ubevele efuneka ngesigameko sokudubula.

Umsolwa okwamanje uthola ukwelashwa esibhedlela eTembisa, esho.

UDlamini akashongo ukuthi umsolwa ulimale kanjani nokuthi ulimele kuphi.

Kulindeleke avele enkantolo engakapheli amahora angu-48. Ubhekene necala lokubulala, ukuzama ukubulala, ukuphanga kuhlonyiwe nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.