Uboshiwe otholakale nemoto eyebiwe eMpangeni

2017-01-05 18:01

eMpangeni -  Abaseshi baseMpangeni bebethungatha ababosolwa ngokushaya ngesikhathi bezithela phezu kwemoto eyebiwe.

Laba baseshi bebethungatha abasolwa abebesendaweni yaseMacekane phandle kwaseMpangeni ngoLwesine.

Amaphoyisa abelandela umkhondo walaba basolwa obuveze ukuthi basemakhaya kanti futhi bafunelwa amacala okushaya ngenhloso yokulimaza.

Ngesikhathi amaphoyisa esathungatha laba basolwa, azithele phezu kwemoto esolisayo ipakwe egcekeni futhi ingenazo izinombolo.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa asedubule abasolwa ababili kusukelwana ngezimoto eKZN

Ngesikhathi ethatha isithombe sale moto, kuvele ukuthi imoto eyebiwa endaweni yaseShowe kanti futhi iyimoto yoMnyango wezeMpilo.

Le moto yohlobo lweHi Lux yebewa ngoLwesithathu mhlaka 4 kuJanuwazi endaweni yaseDlangubo.

Umnikazi womuzi uhlulekile ukuchazela amaphoyisa ukuthi ifike kanjani le moto egcekeni lakhe.

Lo mlisa kulindeleke ukuba avele phambi kweMantshi yaseNgwelezane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.