Uboshiwe otholakale nesibhamu sikayise osewashona

2017-02-14 09:31

Mbombela – USteven Magagula wasePienaar ulivumile icala lokutholakala nesibhamu sohlobo lwe-9mm semi-automatic pistol sinezinhlamvu eziyisishiyagalolunye kodwa engayiphethe ilayisensi yaso.

Ngokwesitatimende sakhe, uMagagula uthe kuke kwagqekezwa ekhaya kubo kanti isibhamu lesi sasingekho endaweni ephephile. Uthi wanquma ukusithatha sibe kuyena ukuze singahlali yinoma yikuphi.

Uthe yingakho amaphoyisa asithola emotweni yakhe ngesikhathi enomkhankaso wokusesha izimoto ngoJulayi 20 kumhlaka 2015.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe owesifazane obeshutheke isibhamu 'enkomeni'

“Yimina umfana omdala ekhaya futhi ngangicabanga ukuthi yimina okumele anakekele ifa likababa. Ngiyazisola ngengikwenzile futhi ngicela umbuso ube nozwelo kimina.” kusho yena esitatimendeni sakhe.

ENkantolo, iMantshi income ukuzisola kwakhe uMagagula yathi imubone engena ukuthi unokuzisola.

Yize kunjalo uMagagula ugwetshwe iminyaka engu-8 ngamacala abhekene nawo okuphatha isibhamu kanye necala laphambilini lokushaya.

Ulengiselwe iminyaka emishanu yesigwebo sakhe kanti futhi akasavumelekile ukuphatha isibhamu, kubika iMpumalanga News.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.