Uboshiwe otholakale nesikhwama esikhulu esigcwele imali e-OR Tambo

2018-05-06 11:02

Johannesburg - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-27 ubudala e-OR Tambo International Airport ngemuva kokutholakala nesikhwama esigcwele imali engu-R6.9 million, kusho amaphoyisa ngoMgqibelo.

Le mali, obekungama-US Dollar kanye neyaseNingizimu Afrika, ishaqwe esikhumulweni sezindiza ngoLwesihlanu, kusho uBrigadier Vish Naidoo okunguye okhulumela amaphoyisa.

Uthe umsolwa unqatshelwe ukuba aye eMauritius ngemuva klokuboshwa.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe osolwa ngokushushumbisa izidakamizwa e-OR Tambo Airport

UNaidoo uthe umsolwa uboshwe ngemuva kokuba amaphoyisa eqinisekise ukuthi lesi sikhwama besigcwele imali engu-$199 000 onengaphezu kuka-R4 million.

UNaidoo uqhube ngokuthi umsolwa angase abhekane necala lokuphula umthetho iCustoms and Excise Act.

Kulindeleke ukuba umsolwa avele eNkantolo yezoHwebo eGoli ngoMsombuluko.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.