Uboshiwe owaseMduku ogwazwe umngani ophuze ubhiya wakhe engawucelanga

2017-07-25 12:37

eMduku - Owesilisa waseMduku uzogcinwa esitokisini esiteshini samaphoyisa aseHluhluwe, KwaZulu-Natal, ngokusho kombiko.

Lo mlisa ubhekene necala lokubulala umngani wakhe emsola ngokweba ubhiya wakhe.

UDalisu Ndlovu, 27, kuthiwa waphuza ubhiya kaSambulo Innocent Khumalo, 28, ngaphandle kokuwucela.

Laba bangani baba nengxabano eyaze yagcina ngokuthi kube khona ohosha ummese wagwaza omunye.

OLUNYE UDABA:Ukuqhabula ubhiya ngosuku kungasindisa impilo yakho

“Ingxabano yaphela, kwathi uNdlovu eya endlini encane uKhumalo wamlandela wamgwaza amanxeba ambalwa esazikhulula wase emshiya lapho,” kusho uCaptain Jabulani Mdletshe okhulumela amaphoyisa akwaMsani.

UNdlovu washonela endaweni yesigameko, kuqhuba umbiko.

Kwasiza amalungu omphakathi aphuma umkhankaso wokuthungatha lo msolwa, kubika iZululand Observer. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.