Uboshiwe 'owashaya' umalume wakhe ngetshe ekhanda, washona

2017-02-03 10:02

Loskop - UBhekinkosi Hadebe, 59, wayexaba nomshana wakhe ngesikhathi umshana emshaya ngetshe ekhanda, waphangalala.

Lokhu kwenzeka ngoMeyi 2014 endaweni yaseLoskop kanti uHadebe wangeniswa esibhedlela nokuyilapho ashonela khona ngengxa yokulimala.

Imibiko yephephandaba lomphakathi i-Escourt News ikhomba kuthi laba babelwela imfuyo.

Kuthiwa umshana, 30, wabaleka ekhaya ngemuva kwalesi sigameko.

Umsolwa ubanjwe ngamaphoyisa ngomhlaka-25 Januwari 2017 lapho abekwe khona icala lokubulala.

OLUNYE UDABA:Ubuyela enkantolo umshana kaMadikizela-Mandela ngelokweba imali

Kwesinye isigameko esenzeke eMnambithi, amaphoyisa abophe abathathu ngamacala amabili okugebenga enzenke ezindaweni ezimbili ezihlukene.

Icala lokuqala lokugebenga lenzeke endaweni yaseSteadville lapho owesilisa egetshengwe amadoda amabili emkhombe ngesibhamu.

La madoda amthathele omakhalekhukhwini bakhe.

Kwesinye isigameko, owesilisa, 67, uvinjezelwe amadoda amabili ephethe ummese amthathela imali kanye nomakhalekhukhwini.

Laba basolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseLadysmith ngamacala okugebenga, kubika iLadysmith Gazette.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.