Uboshiwe owashayisa wabulala iphoyisa lomgwaqo

2018-04-28 09:36

eLimpopo -  Amaphoyisa ase-Apel phandle kwaseLebowakgomo, abophe owesilisa oneminyaka engu-28 ubudala ngecala lokushayisa abaleke.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu emini kanti siholele ekushoneni kwephoyisa lomgwaqo.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe, uthe iphoyisa uMasedi Mabusela, 48, ubeshebenza ngesikhathi ezama ukuvimba imoto ebihamba ngesivinini esikhulu.

"UMabusela obesebenzela isikhungo iTubatse-Fetakgomo Municipality Traffic Station, ushayiswa yimoto maqede yabaleka."

Uphathina wakhe obesebenza naye uphuthume wajaha le moto waze wayibamba eStrydkraal, lapho afike aboshwa khona umshayeli.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa ingozi yesitimela neveni eKapa

"Leli phoyisa liphuthunyiswe esibhedlela lapho elifike lashonela khona ngenxa yokulimala kabi,"kuqhubeka yena.

UNgoepe uthi uphenyo lokuqala lubonisa ukuthi lo mshayeli ubephuzile kodwa kuthathwe igazi lakhe ukuba liyohlolwa.

Uzovela maduzane enkantolo ngecala lokubulala ngokungenhloso, wukushayisa abaleke kanye nokushayela adle amponjwana.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.