Uboshiwe umama oshaye ingane, 5, ngephini ngoba ilahle isicathulo sesikole

2018-03-26 18:00

Johannesburg - Usesitokisini owesifazane waseLimpopo oneminyaka engu-35 ubudala ngemuva kokuqoshwa nge-video eshaya indodana yakhe, 5, ngephini ngoba ilahle isicathulo sesikole.

Isigameko sokushaywa kwale ngane phakathi kwabantu senzeke ngesonto eledlule eMatlala.

Ingane yaphuthunyiswa esibhedlela iyothola ukwelashwa ngaphambi kokuyogcinwa endaweni ephephile, kusho okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe.

Kwi-video, lo wesifazane uzwakala eyithethisa ngeSepedi indodana yakhe, ezinye izingane zibukele. Elinye ilungu lomphakathi elibonakala kule video lidlula ngendlela lizwakala lincenga lo wesifazane ukuba ayeke ukushaya ingane.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe oshaye ingane yaze yaquleka ngoba izimoshele

Yize kunjalo lo wesifazane uyaqhubeka nokuyishaya ize iwele phansi.

"Uyaxolisa? Uzogqokani kusasa esikoleni? Ngitshengise izicathulo zakho. Awukwazi ukulahlekelwa yizicathulo. Ufuna ukufa noma uzonginika izicathulo?" kuzwakala lo mama ememeza.

Amaphoyisa asigxekile isenzo sokuhlukumeza esibonakala kule video.

Umsolwa uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMatlala ngecala lokuhlukumeza ingane nokuyishaya.

Uzophinde avele enkantolo kuleli sonto eseyofaka isicelo sebheyili, kusho uNgoepe.


 - SowetanLive

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.