LAGOS – Amaphoyisa aseLagos abophe owesimame oneminyaka engu-39 ubudala ngecala lokuhlukumeza ingane yakhe.
U-Ayo Sheriff, kuthiwa washisa indodakazi yakhe nge-ayina ngenxa yemali.
Okhulumela amaphoyisa uSP. Chike Oti, ukhiphe isitatimende ngeSonto ethi lolu daba lubikelwe abezenhlalakahle.
Le ngane eneminyaka engu-16 ubudala ilimale kabi engalweni nasemlenzeni ngemuva kokushiswa wumama wayo oyizalayo.
OLUNYE UDABA:Ubaba ushaye wabulala indodana yakhe emsole ngokweba iselula
Kuthiwa lengane ifunda esikoleni samabanga aphakeme futhi ibuye isebenze emakhazeni njengomsizi.
Umqashi wayo esikoleni sobuhlengikazi wayinika imali engango-N500 (ngokwemali yaseNigeria), yayalelwa ukuba inikeze umuntu othile imali engango-N200 uma isihamba, isebenzise u-N50 ukuze igibele bese abuyisa u-N250 ngosuku olulandelayo.
"Ngosuku okwakumele abuyisele ngalo ushintshi, akazange awubuyise watshela umphathi wakhe ukuthi imali ikumama wakhe.
"Ngesikhathi umphathi wakhe eshayela umama wakhe ucingo emubuza ngale mali, waphika ukuthi uyayaza."
Ngesikhathi esebuya emsebenzini wathola umama wakhe emlindini ne-ayina evutha bhe.
- African News Agency