Uboshiwe umshushisi wase-KZN ngawokukhwabanisa

2016-12-01 12:32

Johannesburg – Amalungu lophiko loKlebe abophe uMshushisi woMphakathi ngecala lenkohlakalo enkantolo yaseXopo.

Kuthiwa lo mshushisi uMduduzi Funeka, 40, wafuna imali kumsolwa obebhekene namacala okweba imfuyo.

UFuneka, ongumshushisi eNkantolo kaMantshi yaseXobho, kuthiwa watshela umsolwa ukuba amkhokhele ukuze kunyamalale icala abhekene nalo.

Okhulumela uphiko loKlebe uCaptain Simphiwe Mhlongo uthe: “Amalungu ophiko loKlebe athi ubefuna imali kumsolwa obebhekene namacala okweba imfuyo."

OLUNYE UDABA: Uzophinde avele ngoDisemba umshushisi ngelezidakamizwa

Amaphoyisa abephenya lo mshushisi kwaze kwaba wukuthi ubanjwa oqotsheni amukela imali.

UFuneka uboshelwe phakathi enkantolo kanti usevelile phambi kweNkantolo yamaCala aKhethekile, eThekwini.

Uthole ibheyili yenani lika-R1 000 kanti kulindeleke ukuba abuyele enkantolo ngoJanuwari wonyaka ozayo, kubika i-eNCA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.