Uboshwe esabambe owokuvota osolwa ngawokubulala ehostela

2016-08-05 10:00

Durban - Owesilisa oneminyaka engu-28 ubudala ebizimisele ngokuvota ehostela eliseMlazi ngesikhathi eboshwa kanti ubengazi ukuthi ufunwa ngamaphoyisa.

Le ndoda iboshwe ngezikhathi ibibambe ulayini wokuvota ehholo lasehostela eGlebelands eMlazi eningizimu neTheku ngoLwesithathi.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba avele osolwa ngamacala okubulala ehostela KwaMashu

Umsolwa usolwa ngokuba yinkabi ngemuva kokuba izakhamizi zikhombise amaphoyisa abeqhaphile emagcekeni ehostela.

Umsolwa ulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi maduze ngamacala okubulala nokuzama ukubulala.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uqinisekise ukuthi umsolwa uyabandakanyeka emacaleni enzeka ngoMashi.

"Indoda ogamalayo nguLucky Dlamini, 28, kwabulawa indoda kwalimala enye esifubeni ngesikhathi sesigameko," kusho uZwane.

Izinxushunxushu zehostela zaqala no-2014 ngesikhathi kungavunyelwana ngodaba lwemibhede namagumbi.

Selokhu sekubulawe abantu abangu-64, kubika iDaily Sun.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.