Uboshwe eyokwelashwa esibhedlela owadutshulwa 'bebamba inkunzi'

2017-10-20 11:00

Cape Town – Osolwa ngokuba yingxenye yesigameko sokubanjwa kwenkunzi imoto ethwala imali eKapa ngeledlule utholakale esibhedlela ezokwelashwa inxeba lokudutshulwa.

UThulani Mili, 29, uvele eNkantolo kaMantshi eMitchells Plain kulandela ukuboshwa kwakhe ngoMgqibelo.

Okhulumela oKlebe uCaptain Lloyd Ramovha uthe balandele umkhondo kulandela isigameko sangoLwesihlanu owedlule esenzeke egaraji lakwaTotal eLentegeur.

"Ngezithuba zabo-12:00, imoto yakwa-G4S ethwala imali ifike egaraji elikuHighlands Drive iyolanda imali. Abasolwa ababalelwa kwabane kuthiwa bahlasele onogada babesabisa ngezibhamu ngaphambi kokuba babaphuce isamba semali esingadalulwanga Kanye nesibhamu esisodwa,” kusho uRamovha.

OLUNYE UDABA: Uyelulama esibhedlela uMadikizela Mandela

"Unogada oyedwa wadubuleka walimala kanjalo nomsolwa oyedwa ngesikhathi onogada bephindisela ngenhlamvu ngaphambi kokuba abasolwa babaleke endaweni yesigameko ngemoto eyayibalindile nokubikwa ukuthi yayebiwe eBrackenfell ngoSepthemba."

Kuqaliswe ukuthungatha kwabasolwa, kwatholakala uMili esibhedlela.

URamovha uthe umsolwa kulindeleke avele futhi enkantolo ngo-Okthoba 23.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.