UBrian Molefe usesulile esikhundleni sakhe kwa-Eskom

2016-11-11 16:01

Durban - UBrain Maolefe wakhipha isitatimende edlulisa usizi lwakhe ngombiko kaThuli Madonsela ethi akakaze abuzwe mibuzo noma anikezwe ithuba lokubeka uvo lwakhe ngesikhathi kuqhubeka uphenyo.

UMolefe wathi igama lakhe lihudulelwe odakeni kulandela lo mbiko kanti kuzothatha isikhathi eside ukuba kwenziwe uphenyo olunzulu ukuze kugezwe igama lakhe.

"Kungathatha cishe izinyanga eziyisithupha kuya onyakeni ukuhlaziywa kahle kwalo mbiko, kodwa ngaleso sikhathi igama lami lizobe selivele lidicilelwe phansi kanti nomndeni wami uyobe usukhonjwa ngeminwe kuthiwa ubaba waleli khaya ukhohlakele," kusho uMolefe esithangamini sabezindaba kulandela ukukhishwa kombiko kaMadonsela.

OLUNYE UDABA:'Akekho okumele acekele phansi izwe ngenxa yezinsolo'

USihlalo weBhodi lakwa-Eskom uBen Ngubane naye wawugxeka kakhulu lo mbiko washo nokuthi kuzoba kubi kakhulu uma i-Eskom ingalahlekelwa uMolefe.

Akawagwinyanga amagama akhe uNgubane njengoba sekuvele ukuthi uMolefe ufake incwadi yokwesula esikhundleni sakhe.

UKhulu Phasiwe okhulumela le nkampani ubabele ezinkundleni zokuxhumana waveza ukuthi uMolefe usesulile esikhundleni.

UMolefe uzogcina ukusebenza kule nkampani ngoDisemba kuwo lo nyaka, kubika i-eNCA.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.