Ubudedengu izigebengu zicindezela i-alarm zizama ukubaleka kwesokuphanga

2018-02-16 12:31

Durban - Iqulu lezigebengu ebezihlomile ebezihlasela umndeni waseWestville, zizibambise zona ngobudedengu bazo.

Lezi zigebengu bezizama ukubaleka ngesikhathi zihluleka ukuvula igalaji zacindezela inkinobho ye-alamu ngephutha.

Lobu budedengu babo buholele ekutheni amaphoyisa kanye nabenkampani yonogada baphuthume kulo muzi babanjwa kanjalo abasolwa abane.

Okhulumela abaeBlue Security, u-Andreas Mathios, uthe abasolwa benze iphutha bacindezela inkinobho okungeyona base beyabanjwa.

"Laba basolwa bahlasele owesimame kanye nendodana yakhe, 11, babakhomba ngezibhamu ngaphambi kokuthatha omakhalekhukhwini, imali kanye nenye impahla ebizayo bazifaka emotweni yawo lo mndeni.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umama nendodana ngokutholakala nensangu ka-R3 million

"Bazamile ukuvula umnyango wegalaji bahluleka ngokuthi bazibizele bona amaphoyisa," kusho yena.

Uthi abasolwa bazamile ukubaleka, abanye babaleke bagibela itekisi kanti abanye bacashe ehlathini.

Amaphoyis ajahe leli tekisi alivimba ngasemgwaqeni uRoger Sishi babanjwa abasolwa ababili.

Amaphoyisa ophiko lwe-Shongweni K9 athungathe izigebengu ebezicashe ehlathini aze azithola.

Uyedwa umsolwa ophunyukile kulesi sigameko, kubika iThe Independent on Saturday.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.