Ubufakazi bukhomba unkosikazi weNkosi ecaleni lokubulala

2016-07-06 14:33

eMpangeni - UThobani Nduli okunguyena ophenya leli cala utshele inkantolo ukuthi ubufakazi bukhomba ukuthi inkosikazi yeNkosi iyona eyanikeza umsolwa ummese.

Ligodliwe igama le nkosikazi yeNkosi kuze kube wukuthi uyaboshwa, kanti ngokusho kwephoyisa eliphenyayo akusensuku zatshwala kwenzeke lokho.

USphamandla Mlungwane,19, wagwazwa amanxeba ambalwa emhlani ngemuva kokuxabana nomsolwa.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umsolwa ngokubulawa komuntu ehostela

Okumangalisa kakhulu ngaleli cala wukuthi amalunga omphakathi abehlanganyele phandle kwenkantolo ayameseka umsolwa ngalokhu okwenzekile.

Ngokusho kwamalunga omphakathi uMlungwane wayesewuhlukumeze kakhulu umphakathi ngobugebengu.

Umsolwa unqatshelwe ibheyili, kanti uzogcinwa ezitokisini lize liqulwe icala lakhe ngomhlaka 8 kuNtulikazi, kubika iZululand Observer.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.