Ubuholi be-ANC buzohlangana nobase-KZN kulandela isinqumo senkantolo

2017-09-15 11:00

Johannesburg – I-ANC ithi umhlangano ophakathi kobuholi bukazwelonke kanye nobuholi bayo KwaZulu-Natal kuzobe kungowokudingida ukuphawula okukhathazayo okwenziwe yi-ANC e-KZN.

I-ANC e-KZN imemezele ngoLwesithathu ukuthi izosiphikisa isinqumo seNkantolo eNkulu esithi inkomfa eyabanjwa ngo-2015 yayingekho emthethweni nokusho ukuthi ubuholi obakhethwa lapho kufana nokuthi abukho.

Okhulumela i-ANC e-KZN uMdumiseni Ntuli uthe bazodingida ukuthi kungani izinto zenzeke ngale ndlela.

“KumeLe sikhulume ngezizathu eziholele ekutheni izinto zivele sengathi siyaqophisana, empeleni kube kungenjalo.”

Okhulumela i-ANC kuzwelonke uZizi Kodwa uthi lo mhlangano okhethekile wobuholi obuphezulu ozobanjwa ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: 'Abaholi be-ANC e-KZN kumele bashenxe ngokushesha'

"Sihlela umhlangano we-NEC ophuthumayo ukudingida ukuthi isinqumo esaphuma eMgungundlovu sichaza ukuthini ngokwezombusazwe.”

I-ANC kuzwelonke yathi yiyo ezonquma ukuthi lesi sinqumo senkantolo sizodluliswa noma cha, kepha uKhongolose esifundazweni wathi awudingi mvume yamuntu ukwenza lokho.

Ngesikhathi kuqhubeka le nkomfa, uZikalala wathola amavoti angu-780, kwathi uMchunu wathola angu-675, kulolu hlelo okwavota kulo izithunywa ezingu-1 459.

Amalungu ayengagculisekile akhala ngokuthi le miphumela yakhwatshaniswa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.