Ubuholi besifundazwe e-KZN buzohambela umndeni okubulawe kuwo abangu-8

2017-10-04 16:01

Durban - Lowo okhulumela i-African National Congress KwaZulu-Natal, uMdumiseni Ntuli, uthe ubuholi besifundazwe bumangele buvuka ngesigameko sokubulawa kwamalungu angu-8 omndeni owodwa eMatimatolo.

"Ngokwejwayelekile uma kuqothwa umndeni kanje, indaba isuke ingaphakathi emndenini," esho.

UNtuli uthe ubuholi buzohambela lo muzi ngemizamo yokuthola ukuthi yini eholele kulesi sigameko esenzeke emzini wakwaSibiya eMbangweni, eMatimatolo, ngoLwesibili ebusuku.

Kubulawe amalungu omndeni owodwa angu-8 esifazane, ngokusho kombiko wamaphoyisa esifundazweni.

OLUNYE UDABA: Sinyukile isibalo somndeni obulewe e-KZN

Imibiko yokuqala ithe kubulawe abesifazane abayisikhombisa, nokho okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala, uthe umuntu ka-8 ushonele esibhedlela ngoLwesithathu.

UGwala uthe okwamanje ayikacaci imbangela yalesi sigameko kanti amaphoyisa ayaphenya ukuthi ngabe ukubulawa kwalo mndeni kuhlobene nezombusazwe noma umbango womndeni, noma cha.

UGwala uthe amalungu omphakathi yiwo ezwe kuqhuma isibhamu ngabo-21:00 ngoLwesibili, athi uma eyobheka athola umuzi usha.

Abantu abahlanu, okubalwa owesifazane oneminyaka engu-60 ubudala nezingane ezine eziphakathi kweminyaka emibili nengu-16 ubudala, zishonele endlini eyodwa.

Kwenye kushone owesifazane, 58, ngemuva kokudutshulwa.

Ezinye izingane ezimbili zishonele esibhedlela.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.