Ubuholi obuntekenteke yibona obulimaza izwe - IFP

2016-07-24 13:30

Makhado - Inkohlakalo kanye nobuholi obuntekenteke yikhona okwenza kubenzima ukuphatha iNingizimu Afika, lawa amazwi omholi we-IFP uMangosuthu Buthelezi.

UButhelezi usho lokhu ngesikhathi ekhankasa ezinkundleni zaseMakhadi eLimpopo.

Uthi imibiko yabahloli kuzo zonke izigaba zikahulumeni zikuveza ngokusobala ukuthi kunokungaphathwa kahle kwezwe.

OLUNYE UDABA:Indida ngokushona kwekhansela le-IFP kwelabaQulusi

"Abantu abagcine sebekhokha lapho imaliu ingasetshenziswa ngendlela ngoba ekugcineni lokhu kukhubaza ukuhanjiswa kwezidingo. Uma sifuna ukuguqula isimo, lokhu sizokwenza ngokukhetha ubuholi obunesithunzi, ukuthembeka, obunemigomo eqondakalayo futhi obunabantu abafuna ukusebenzela abantu," kusho yena.

Lo mholi uqhubeke wathi abantu sebalulungele ushintsho, futhi bangayethemba i-IFP ukuba ibalethele lolo shintsho abaludingayo, kubika i-African News Agency.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.