Ubulale ingoduso wayifihla ehlathini

2017-11-27 12:35

Durban - Usavevezela wukwethuka umphakathi waseZihlabeni oNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, emuva kokuba owesilisa wakule ndawo ebulale ingoduso yakhe maqede wayofihla isidumbu sayo ehlathini elibudebuduze nakwakhe ngoLwesine.

Isidumbu sikamufi, uNkz Nokukhanya Mahlaba, 30, ongowokuzalwa eMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, kuthiwa sikhonjwe nguye umsolwa, uMnu Sibusiso Xulu, 42, emuva kokuba ehambe wayozinikela emaphoyiseni endawo.

Umakhelwane ongathandanga ukudalulwa igama, uthe bebeqala ukubona into enjengalena endaweni yabo selokhu bazalwa.

"Namanje sisathuthumela ngendlela isidumbu sikaNokukhanya esitholwe siyiyona kuleli hlathi. Ubeluhlaza umzimba wonke, kukhombisa ukuthi umsolwa ubemshayela khona ukuthi aze amkhiphe umphefumulo," kusho lo makhelwane.

Uthe namanje basazibuza bayaziphendula ukuthi ngabe yini lena eholele ekutheni uMnu Xulu enze into enjengale ngoba nakuba bake baxabana, uNkz mahlaba waze wathutha wayohlala kwenye indawo, kodwa ukungaboni ngasolinye kwabo besebekulungisile.

"Bese bevakashelana nokuvakashelana nathi sesizitshela ukuthi konke sekuhamba kahle. Sithukile uma sekwenzeka into efana nale," kuqhuba lo makhelwane.

OLUNYE UDABA: Ubulale intombi wafonela umndeni ukuba ulande isidumbu

Utshele ILANGA ukuthi uNkz Mahlaba ubeyingoduso yesibili kaMnu Xulu njengoba ibikhona enye ayilobole kudala.

Uthe ngaphambi kokuthi ayohlala kwenye indawo uNkz Mahlaba, bebehlala bobathathu emzini kaMnu Xulu (nalena enye ingoduso) futhi engekho okhombisa ukuba nenkinga. Umthombo oyiphoyisa lendawo, uthe umsolwa ufike esiteshini samaphoyisa asoNdini eyoziceba ukuthi usebulele ingoduso yakhe emuva kwengxabano emfishane.

"Amaphoyisa amyalele ukuba awakhombise lapho athukuse khona isidumbu salona wesifazane. Nangempela uwathathile wayowakhombisa ehlathini elisebangeni elilinganiselwa emakhilomitheni amathathu ukusuka kwakhe. Amaphoyisa abe esembopha emva kwalokho," kusho leli phoyisa.

Imizamo yeLANGA yokuthola umndeni kaNkz Mahlaba iphelele eboyeni okwezithukuthuku zengcanga.

Ikhansela lendawo, uMnu Zithathe Mkhize, lithe noma lingazi ukuthi yini eholele esigamekweni kodwa beliye liqaphele ukuthi umsolwa unalo udlame, ikakhulukazi uma edle amanzi amponjwana.

Lithe cishe sekwenzeke izikhathi ezintathu ukuthi abone umsolwa egijimisa abangani bakhe ngommese uma esephuzile.

"Noma ngingeke ngiphwule kakhulu ngesigameko kodwa engingakubalula ukuthi umsolwa uma esedakiwe akezwa, uyathanda ukudlala ngesikhali. Uhlale ephethe ummese okuthi uma esephuze kakhulu awukhiphe ajahe ngawo abantu. Kulaba ayaye abahubhe ngommese, akekho oseke weza kimina ezobika ngokusemthethweni, bebevame ukuba bahleke nje bambalekele uma eseqala izinto zakhe," kusho uMnu Mkhize.

Okhulumela amaphoyisi kwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshiwe ngosuku akhombe ngalo isidumbu sikamufi.

Uthe uvele kafishane eNkantolo yeMantshi yaseMahlabathini ngoLwesihlanu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.