'Ubulale' isoka ngoshevu owaliwe

2017-09-28 12:30

Durban - Ubhodla umlilo umndeni wowesilisa waseMbali, maphakathi neKwaZulu-Natal osola intombi yakhe ngokumbulala ngokumphuzisa ushevu ngoba eseshintshe umqondo mayelana nokuyilobola emuva kokuthola ukuthi inezingane ezintathu ebingamazisanga ngazo.

Lo mndeni kaMnu Thabani Mkhize, 39, oshone ngokuphela kukaMashi, ukhala nangophenyo lwamaphoyisa njengoba uthi lushaya ngolonwabu – usola isandla semfene.

Unina kamufi, uNkz Zantombi Khanyile, utshele ILANGA ukuthi ngoFebhuwari, indodana yakhe bekulindeleke iyolobola owesifazane  - eligodliwe igama lakhe – waseNtshanga, entshonalanga yeTheku kodwa kwangabe kusenzeka ngenxa yokuthi uthole ukuthi unezingane ezintathu abezifihlile.

Uthi ithandane nalona wesifazane ekupheleni konyaka odlule.

“Bekungakapheli ngisho izinyanga ezintathu beqalile ukuthandana, wabiza umndeni wawuhlalisa phansi wawukhombisa intombazane asezimisele ngokuyilobola.

“Bengiqala ukumbona lona wesifazane ngalelo langa, besazi ezinye izintombi zikaThabani. Usitshele ukuthi ngoFebhuwari walo nyaka uzolobola ambese ngalelo langa. Besebeqalile ukuthenga izimpahla zomembeso nosuku okuyokwembeswa ngalo beselukhishiwe,” kusho uNkz Khanyile.

Uqhube wathi kujikile ukudla epuletini ngesikhathi indodana yakhe ithola ukuthi lo wesifazane unezingane ezintathu azifihlile abethi kakuzona ezakhe, ngezodadewabo abadala kunaye.

Uthi indodana yakhe ibingasayingeni eyokumlobola yaze yatshela umndeni ngalokho.

Utshele iphephandaba ukuthi lo wesifazane uhlulekile wukwamukela lokho njengoba ebeqhubeka nokuncenga indodana yakhe.

Uthi ngoMashi intombi ebizolotsholwa izifikele mathuba emzini wakhe, ihamba ngemoto yayo, iyoncenga indodana yakhe waze walala yena ingakahambi.

Uthi isihamba, ishiye imoto egcekeni yayalela indodana yakhe ukuba iyihambisele yona emqashweni wayo eNtshanga.

“Intombi ibisimxina ifuna ayihambisele imoto yayo. Uphumile emsebenzini ekuseni ekade engene ebusuku, wangifonela engitshela ukuthi uzophuma ahambise imoto ka… endlini yakhe ngoba uyambelesela ngayo.

“Kuhambe usuku uThabani engabuyi, ngazama ukumfonela kodwa ucingo lwakhe engalubambi, ngafonela naye u… naye engalubambi olwakhe,” kusho uNkz Khanyile.

Uthi baze bathola ucingo emini udadewabo wendodana yakhe – naye ohlala eNtshanga – ethi ufonelwe ngudadewabo wentombi kaThabani emtshela ukuthi kukhona okushaya amanzi endlini (yentombi), mabaphuthume beyobheka khona.

Uthi nebala indodakazi yakhe iphuthume khona yafica umsolwa eseqoqe konke okungokwakhe, kusele isidumbu sikaThabani, sisongwe ngengubo, siboshiwe izandla nezinyawo.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowadlwengulela owesifazane ezimobeni

Uthi indodakazi ifonele amaphoyisa, yafonela nezihlobo eziseThekwini ukuba ziphuthume zivimbe umsolwa ngoba ubeyogibela eDurban Station ebaleka.

Nebala bakwazile ukumbamba, watshela umndeni ukuthi umphuzise ushevu ngoba edinwa ukuthi useshintshe umqondo ngokumlobola.

“Amthathile amaphoyisa aseThekwini amdlulisela kwawaseNtshanga ukuba ambophe. Ahambe naye ngalelo langa, bekunguLwesine, amvalela ezitokisini aze amdedela ngoMsombuluko.

“Akavelanga ngisho enkantolo. Kuze kube yimanje kasazi ukuthi kuqhubekani ngecala, nomphenyi walo ungena ezintangeni uma simbuza ngokuqhubekayo uvele asitshele ukuthi umphumela wokuhlolwa kwesidumbu kawukabuyi, ulinde wona.”

Uthi okwenza angakutholi ukuphumula ukuthi le ntombazane ingaphandle iyazicanasela nje.

Okhulumela amaphoyisa uCol Thembeka Mbhele, uthi umndeni uma ungenelisekile ngomphenyi wecala, unelungelo lokuba uhlale phansi nomphathi wesiteshi umchazele ngalokho.

Uthe lo mndeni unelungelo futhi lokucela ukuba ushintshelwe umphenyi wecala.

Uphinde wathi intombi kayificwanga nawo ushevu kodwa yazivumela ngokwayo, ngakho-ke kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuthola imbangela yokufa kwakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.