Ubulale umkakhe wafaka isidumbu sakhe emgodini wethoyilethi

2018-03-07 19:30

Harare - Owesilisa waseZimbabwe oneminyaka engu-29 ubudala ulivumile icala lokubulala unkosikazi wakhe wabe esefaka isidumbu sakhe emgodini wethoyilethi elingasasetshenziswa emzini wabo.

ULenon Mangwiro kubikwa ukuthi wagoqa isidumbu sikankosikazi wakhe ngengubo yokulala wabe esesifaka emgodini wethoyilethi wasimboza ngamahleza ommbila.

Lesi sidumbu satholakala ngemuva kwenyanga kwenzeka isigameko, sitholwa ngomakhelwane babe sebehlaba umkhosi emaphoyiseni, zamkhalela kanjalo uMangwiro, kubika iPunch.

Kuthe esevela eNkantolo yeMantshi yaseZimbabwe, uMangwiro utshelwe ukuba ayofaka isicelo sebheyili eNkantolo eNkulu ngoba icala abhekene nalo libucayi kakhulu.

OLUNYE UDABA: Ulale okokuqala ejele owabulala umkakhe esayiphoyisa

Ngokusho kwamaphepha oMbuso, unkosikazi kaMangwiro kwabikwa ukuthi udukile ngomhlaka-22 Meyi ngonyaka ofile.

Inkantolo itshelwe ukuthi isidumbu sikaRosemary Chakurira satholakala emgodini ongashoni wethoyilethi emzini umufi abehlala kuwo noMangwiro.

Kuthiwa lesi sidumbu satholakala sigoqwe ngengubo yokulala sase siboshwa ngocingo entanyeni, okhalweni nasemilenzeni.

Kwathi uma amaphoyisa empheka ngemibuzo uMangwiro, wagonyuluka iqiniso wathi nguye owabulala umkakhe ngokumshaya ngesigodo esinezipikili ekhanda wabe eseyashona.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.