Ubulale umkakhe, yizingane kanye nomakhelwane

2016-07-09 11:03

Buenos Aires — Amaphoyisa ase-Argentine athi unogada wasemathuneni ubulale owayengumkakhe, yizingane zakhe ezintathu kanye nomakhelwane ngaphambi kokuba azilengise.

Umshushisi Mirta Ciancio uthi umfowabo wombulali ubikele abomthetho ukuthi uRoberto Vecino ubenengxabano nowayengumkakhe uMarta Esther Curutchet ngaphambi kokuba amhlasele emzini wakhe osedolobheni laseNecochea.

Ubesebulala amadodakazi akhe amabili aneminyaka ephakathi kwengu-19 kuya kwengu-22 ubudala kanye nendodana yakhe eneminyaka engu-24 ubudala ebizama ukubaleka.

Funda nalolu daba: Umndeni umangalele iDA

Kufike umakhelwane ezozama ukusiza, kodwa naye wagencwa.

UCiancio uthi uVecino uphinde walimaza iphoyisa ngaphambi kokuba abalekele emjondolo nokuyilapho efike wazilengisa khona.

Imbangela yesehlakalo ibingakacaci okwamanje kodwa kuthiwa lo baba ubevamile ukushaya izingane zakhe nomkakhe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.