Ubulale umkhulu wakhe obethunywe ukhuni

2016-07-14 13:32

Lagos - Kuboshwe indoda ngecala lokubulala kulandela izinsolo zokubulala umkhulu wayo obeyitshele ukuba iphathe ukhuni, kusho amaphoyisa aseNigeria.

Amaphoyisa ase-Imo athe abophe indoda eneminyaka engu-22 ubudala uChukuebuka Umunna ngemuva kwezinsolo zokubulala u-Anusiem Umunna oneminyaka engu-100 ubudala owayemthethisela ukuziphatha kwakhe.

OLUNYE UDABA:Izidudla zinengqondo encane kunezilenda-Ucwaningo

UChukwuebuka uthweswe icala lokubulala.

Ngokusho kophenyo lwamaphoyisa isigameko senzeke ngoMsombuluko.

Kwaqubuka ingxabano phakathi kwale ndoda nalo mkhulu ngemuva kokuba ethe akaphathe ukhuni azolusebenzisa epulazini lomndeni uma esebuya.

UChukwuebuka watshela umkhulu wakhe ukuthi akahambe noma uzomenzakalisa. Ngesikhathi u-Umunna wanqaba ukuhamba, uChukwuebuka wabe esethatha ummese wangenela ngawo umkhulu, emsika.

Umfowabo kamsolwa omncane uChigaemezu owayekhona ngesikhathi kwenzeka isigameko nguye owayofuna usizo. Lo mkhulu washonela endaweni yesigameko.

Ubaba womsolwa uJulian uthe kumshaqisile ukuzwa ngesigameko, kubika iwwww.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.