'Ubulalise umkakhe ngoba efuna imali'

2016-07-18 10:17

Durban - Asashaqekile amalungu omphakathi waseMnamfu eMthwalume, eningizimu yeKwaZulu-Natal ngesihluku somlisa okuthiwa uthengele umkakhe izinkabi ukuba zimhlahlele ngocelemba ngoba efuna imali yomshwalense ukuze ezokuhlukana nokuhlupheka.

Iphephandaba ILANGA lithi zimkhalele uSakhile Khumalo,31, ngezinsolo zokubulala umkakhe, uSithembile Khumalo, 32, ubeyinesi eTurton Clinic, eMthwalume.

Kubikwa ukuthi umsolwa uboshwe ngamaphoyisa ngoLwesibili olwedlule ematasatasa eyofaka isicelo sokukhokhelwa imali yomshwalense yomkakhe.

Kuthiwa ngelanga lesigameko umsolwa wacela imali ye-airtime kumkakhe, ngemuva kwalokho waphumela ngaphandle.

Funda nalolu daba: Kushone umndeni imoto ishayisa ibhulohwe

Kwathi uma asaphumile, umkakhe egeza, kwangena abantu bamhlahlela ngocelemba ngemuva kwalokho bahudulela isidumbu ngemuva komuzi.

Kuthiwa umyeni ngesikhathi esebuya uzithele phezu kwegazi wabikela omakhelwane kodwa amalungu omndeni uwabikele ngakusasa.

Imibiko ithi kwenzeka lokhu nje, umyeni ubesanda kukhomba umkakhe ngesibhamu efuna imali ngo-dli.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uNqobile Gwala uthi umsolwa kulindeleke aphinde avele enkantolo ngoLwesibili ukuze ezofaka isicelo sebheyili.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.