Ubulawe nomzukulu wakhe obenukwa ngokuthakatha

2016-08-12 10:01

Johannesburg – Amaphoyisa aseLimpopo athi kuhlaselwe umelaphi wendabuko kanye nomzukulu wakhe bashona, esigamekweni esihlobene nokuthi ubethakatha.

Lesi sigameko senzeke eSekgosese, ePolokwane.

Amaphoyisa athi lo wesifazane, 75, ubulawe ngesihluku amalungu omphakathi abemnuka ngokuthakatha.

“Amalungu omphakathi azungeze umuzi kaMashau Matlago ngoLwesithathu ase ewokhela ngomlilo,” kusho owamaphoyisa uColonel Ronel Otto.

OLUNYE UDABA: Owesifazane obulawe eKZN ubesolwa ngokuthakatha

U-Otto uthi lo wesifazane ukwazile ukuphuma abaleke endlini, kepha umphakathi wamvimba wamgenca ngembazo wase eshonela endaweni yesigameko.

Umzukulu walesi salukazi ushonele endlini ebisha ubuhanguhangu.

Kuvulwe amacala okubulala nokuqala umlilo ngamabomu kanti bekungakaboshwa muntu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.