Ubulewe ngesihluku owabona kudlwengulwa umuntu

2017-02-08 11:32

Wesselsbron -  Umndeni kaSebina Mthombene usosizini ngokubulawa kwale ntombazane ngoba yabona okwakungafanele ikubone, kubika iDaily Sun.

Ngokwemibiko evelayo, uSebina wayehamba nomngani wakhe kanye nowesilisa okusolakala ukuthi yisoka lakhe bebuya ethaveni beya endlini yesoka.

La mantombazane azumeka alala ngesikhathi efika ngoba babephuze kakhulu.

USebina waphaphama isoka lakhe liphezu kukamngani wakhe limdlwengula.

OLUNYE UDABA:Umsolwa uzilengise ngentambo yesigqoko sejakhethi esitokisini

Ngokuthuka, umngani wavuka wababela emaphoyiseni eyobika ngokwenzekile, washiya uSebina nomsolwa.

Kukholakala ukuthi lo msolwa wacindezela uSebina ngomqamelo ebusweni waze washona.

Ugogo kaSebina u-Anna Maseng, 80, uthi bavuswa wumakhelwane ngeSonto ekuseni ngezindaba ezibuhlungu.

"Kwathi kusenjalo kwafika umndeni walo msolwa uzosibikela ngokwenzekile, ufuna ukusibonisa lapho kulahlwe khona isidumbu," kusho ugogo

Lo gogo uthi akakholwa ukuthi umzukulu wakhe ubethandana nalo msolwa.

"Ngicabanga ukuthi lo msolwa wathuswa wukuthi wabona okwenzeke kumngani wakhe," kulandisa ugogo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.