Ubulewe ngesihluku umshayeli weTaxify eGoli

2018-05-04 11:06

eGoli - Wadutshulwa kabili, washaywa futhi washiswa nemoto eyatholakala esikhotheni, kubika i-The Star.

Le iyona ndlela abulawa ngayo umshayeli we-Moipolai “Heavy” Sekati owatholakala ngoLwesine ngemuva kokunyala lala kwakhe esemsebenzini ngoLwesithathu ebusuku.

Umzala wakhe uDonald Senwelo uyena owazwakalisa ukuthika kwakhe ngoLwesine ekuseni ngemuva kokuba uSekati engabuyi ekhaya.

"Wayehlezi elala ekhaya, yingakho ngamangala uma ngivuka ekuseni ngabona imoto yakhe ingekho egcekeni, ngesikhathi ngifona ucingo lwakhe lwaluvaliwe.

OLUNYE UDABA:

Umzala wakhe waya emzini oseduze nakubo kulo mndeni owaqasha uSekati ukuba abashayelele wababikela ngalolu daba.

NgoLwesine babezula izibhedlela nasemaphoyiseni befuna lomshayeli oneminyaka engu-44 ubudala waze watholakala emakhazeni aseChris Hani Baragwanath Academic Hospital.

Okhulumela amaphoyisa aseDobsonville uCaptain Mbulaheni Netshivhodza uthe imoto kaSekati itholakale eSnake Park eDoornkop lapho babikelwe khona wumphakathi ngokuthi bayibone isha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.