Ubulewe obuze ngokulolwa kommese engazi ukuthi uzogwazwa ngawo

2017-05-23 18:00

oThongathi - UNothando Cele, 20, ubuze umsolwa ukuthi kungani ecija ummese, kanti akazi ukuthi lowo mmese yisona sikhali esizothatha impilo yakhe.

Le ntokazi yaseBhamshela, oThongathi, igwazwe yabulawa ngoLwesine olwedlule kulesi sigameko okuthiwa ihlaselwe kuso ngumuntu emaziyo.

Ngokusho kukamfowabo uMthoko Cele, 36, bafuna umsolwa abhadle ejele ngokubalethela usizi olungaka emndenini.

“Udadewethu ubeyingane ebingahlose lutho olubi. Bekungafanele abulawe ngesihluku esingaka,” kusho uMthoko.

Kuthiwa uNothando ubesendleleni eya ekhaya ngesikhathi ebona umakhelwane wakhe, ophinde abe yisihlobo, elola ummese.

Kuthiwa umbuzile ukuthi uzokwenzani ngawo, kanti umakhelwane uzovele amdumele amgwaze ngawo.

OLUNYE UDABA:Umakhelwane ukhala ngoDJ onqaba ukumkhokhela

UMthoko uthi baneminyaka bemazi umakhelwane wabo kodwa babengazi ukuthi unenhliziyo embi kangaka.

“Sibuhlungu ngalokhu okwenzekile futhi sengathi angahlala ejele angayitholi nebheyili,” kuqhubeka yena.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisa ukuboshwa kowesilisa oneminyaka engu-34 ubudala.

Le ndoda yavela enkantolo kaMantshi eNsuze ngoLwesihlanu kanti izobuyela ngoLwesithathu lapho izofaka khona isicelo sebheyili, kubika iDaily Sun.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.