Ubulewe wumphakathi owadubula abantu ethaveni ngempelasonto

2017-02-06 08:30

Gauteng - Owesilisa obekhonjwa kwesokudubula endaweni yase-Oliventhoutbosch eCenturion ubulawe ngamalungu omphakathi.

Ngokusho kwamaphoyisa, kwashona abantu abahlanu ngoLwesihlanu nangoMgqibelo ngesikhathi iqoqo lamadoda livulela ngenhlamvu ethaveni lizophanga.

UBrigadier Mathapelo Peters okhulumela amaphoyisa uthe: "Kwashona abantu abane kulesi sigameko, kwalimala abane abaphuthunyiswa esibhedlela. laba basolwa bagebenga abantu kule thaveni bebakhombe ngezibhamu."

Kubikwa kuthi kuthathwe nezinto ezithile ethaveni kanti amaphoyisa asejube ithimba elizophenya ngalesi sehlakalo.

OLUNYE UDABA:Umsolwa uzilengise ngentambo yesigqoko sejakhethi esitokisini

Kuboshwe abantu ababili abangabasolwa kanti umsolwa wesithathu utholakale edindilizile e-Olievenhoutbosch Extension 26.

“Amaphoyia abizelwe endaweni lapho bekubikwe khona ukuthi umphakathi uhlasele umuntu kanti isidumbu sakhe sidindilize eceleni komgwaqo."

Amaphoyisa ayakuqinisekisa ukuthi lesi sidumbu ngesomsolwa wesithathu kanti athi asaqhubeka nophenyo kanye nokuqapha isimo kule ndawo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.