'Ubusuku obubodwa noSugar Mama bayimosaha impilo yami'

2016-11-14 11:32

Johannesburg - USizwe Mlaba uthi ubusuku obubodwa nosugar mama bayimosha impilo yakhe.

Le ndoda eneminyaka engu-32 ubudala yaseKatlehong eKurhuleni itshele iDaily Sun ukuthi yona yayizihlalele ethaveni iphuza utshwala ngenyanga edlule ngesikhathi owesifazane oneminyaka engu-49 ubudala eza kuyo,

"Ngangibona ukuthi uyangifuna futhi ubusuku bonke wayelokhu engifensa, nami ngazikhululekela.

OLUNYE UDABA: 'USugar mama' uncinze 'uBen 10' amankwahla nge-pliers

"Ngesikhathi sengigoduka ngiya ekhaya wathi ufuna ukuhamba nami," kusho uMlaba.

"Ngesikhathi sifika egumbini lami, senza ikonzo yasekamelweni. Senza ucansi kabili kodwa sesizokwenza okwesithathu wavele waphuma wabaleka enqunu ememza ethi ngimdlwengulile."

Izakhamuzi zezwa owesifazane ekhala emgwaqeni zaphuthuma zayobheka ukuthi kuqhubekani.

UMlaba uthi wathi ephakamisa amehlo wayesengenelwa ngesibhaxu eshaywa ngamapayipi ensimbi nezimvubu.

Wabe esephoqwa ukuba ahambe enqunu emgwaqeni.

UMlaba uthi wahlengwa ngomakhelwane bakhe abamubona engena nowesifazane egcekeni.

Waya esiteshini samaphoyisa eyovulela lo wesifazane icala nabantu abamhlasela.

Ngesikhathi amaphoyisa ephosa lo wesifazane ngemibuzo, wavuma ukuthi wayeqamba amanga.

Amaphoyisa aphinda athola amakhondomu egumbini likaMlaba okwakuveza khona ukuthi baya ocansini bevumelene.

"Lo wesifazane uyimoshile impilo yami wadicilela negama lami phansi.

"Angikwazi nokuhamba kahle ngokuthula emgwaqeni ngoba wonke umuntu ucabanga ukuthi ngingumdlwenguli," kusho uMlaba.

Okhulumela amaphoyisa asKatlehong uCaptain Mega Ndobe uqinisekise isigameko.


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.