UButhelezi uthi akusolwe i-ANC ngokuntuleka kwemisebenzi

2016-07-08 14:31

Durban – Umholi weNkatha Freedom Party (IFP) iNkosi uMangosuthu Buthelezi utshele izakhamuzi zaseThokoza ukuthi abanye abantu abamnyama babhuqwa yindlala ngenxa ye-ANC.

Uthe sesiside isikhathi i-African National Congress yenza izethembiso kepha ingazifezi.

“Abantu abasebenzi ngenxa yeqembu elibusayo eliqambela abantu amanga,” esho.

“Kuzothatha isikhathi ukuthi lehle izinga labantu abangasebenzi ngoba isimo somnotho sibi kakhulu.”

OLUNYE UDABA: I-IFP ayisilo iqembu lezigebengu - Buthelezi

Ubekhuluma kanje uButhelezi ngesikhathi egaya ivoti ngoLwesihlanu.

“Abantu abamnyama bayabekezela, ngakho akumele baqanjelwe amanga kuze kweqe. Umengameli akumele abaqambele amanga athi kuzoba namathuba angu-500 000 omsebenzi, kepha kuze kube manje akukakenzeki lutho,” kusho uButhelezi.

Amaqembu ezepolitiki anxenxa ivoti njengoba kuyiwa okhethweni ngomhlaka-3 Agasti.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.