Ubuyela emsebenzini umlingisi ohlaselwe edunwa imoto, wavalelwa ebhuthini

2017-01-31 10:01

Cape Town – Kulindeleke ukuba abuyele emsebenzini maduzane umlingisi womdlalo kamabonakude owuchungechunge, iRhythm City, uJamie Bartlett.

Lokhu kulandelwa ukuhlaselwa kanye nokudunwa imoto kwalo mlingisi eGoli ngoLwesihlanu.

UBartlett udume kakhulu ngendawo ayidlalayo kuRhythm City nalapho aziwa khona ngoDavid Genaro.

INews24 ibike ukuthi amadoda amathathu amkhombe ngezibhamu maqede angena emotweni yakhe yohlobo lweMercedes Benz emnyama abe eseqala ukumshaya. Lama doda abe esemkhiphela ngaphandle maqede amvalela ebhuthini lemoto. Ube eseshiywa endaweni engaziwa.

OLUNYE UDABA: Ufakwe ebhuthini wayoshiywa esigangeni umlingisi ebanjwa inkunzi

Ngokombiko weNews24, lo mlingisi udunwe imoto yakhe, umakhalekhukhwini wohlobo lwe-iPhone 7 omnyama, isikhwama esigaxwa ehlombe kanye namaringi amabili egolide, womabili alinganiselwa enanini elingu-R1.2m.

Ekhuluma neThe Juice, uBartlett ukuqinisekisile ukuthi lesi sigameko senzekile ngoLwesihlanu phakathi kuka-23:00 kanye no-02:00.

Imoto yakhe iduniwe yabe isiyiswa elokishini laseZonkizizwe nalapho eye “wehlishwa khona ngesizotha”.

Uqhube wathi uthole ukunakekelwa okukhulu emphakathini kanye nasemaphoyiseni.

Ngokusho kukaJoe Strydom, oyiPublicist, uthi uBartlett uwumqemane futhi uqinile emzimbeni kanye nangokomqondo, waphinde wathi lo mlingisi uzobuyela ekulingiseni ngokushesha. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.