Ubuyela emuva umgadli obekulindeleke asayine kwiPirates

2017-08-09 12:30

Johannesburg - UChristian Obiozor kulindeleke abuyele ekilabhini yakhe, i-Enyimba, lingakapheli isonto ngemuva kokuba ingaphumelelanga imizamo yokujoyina i-Orlando Pirates.

Ngasekupheleni kwenyanga edlule kubikwe ukuthi lamaqembu awakafinyeleli esivumelwaneni semali, nakuba i-Pirates yayisikumemezele ukuthi usengowayo lo mdlali.

Eminye yemithombo ngaleso sikhathi yathi, “Asikaphothulwa isivumelwano, ngasohlangothini lwemali. Umdlali usehloliwe isimo sakhe sempilo nakho konke okunye, njengoba i-Enyimba inikeze imvume iPirates yokuba ikhulume naye, kodwa nakuba kunjalo, akukavunyelwana ngodaba lwemali yokuthenga umdlali.”

OLUNYE UDABA: I-SSU yenqabe imali yeDowns ngomgadli

Manje, imibiko ephuma eNigeria ngalolu daba ithi ngeke sisabakhona isivumelwano.

ISoccer Laduma ixhumane nokhulumela i-Enyimba, uSolace Chukwu, okuqinisekisile ukuthi lo mdlali kulindeleke abuyele emuva.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala udlalile – washaya negoli – ngesikhathi iPirates izilungiselela ukuqala kwesizini kodwa abalandeli bebengakaze bambone.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.