Ubuyela enkantolo osolwa ngokugwaza uthishanhloko eGoli

2016-12-13 13:30

Johannesburg - Ubuyele enkantolo namuhla owayenguthisha osolwa ngokuhlasela uthishanhloko waseSoweto.

U-Oria Molapo kulindeleke ukuba afake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseLenasia.

UMolapo uboshwe ngenyanga edlule ngemuva kwezinsolo zokugwaza uNomfundo Lebepe ephindelela ngommese esikoleni samabanga aphansi, iPaul Mosaka, ePimville.

OLUNYE UDABA: Usase-ICU uthishanhloko owagwazwa amanxeba angu-30

UMolapo ubelokhu efuna ukubuyiselwa emsebenzini ngemuva kokuxoshwa ngonyaka odlule ngemuva kokutholakala nesitifiketi sobuthishela esingumbombayi.

UMolapo wayefuna ukufaka isicelo sebheyili enkantolo ngenyanga ephelile kodwa imantshi yenqaba ibuka ubucayi becala abhekene nalo.

Icala laphinde lahlehliswa ngesikhathi evele okwesibili enkantolo njengoba bekusaqhutshekwa nophenyo.

UMolapo angase asilalele namuhla isinqumo senkantolo ngesicelo sakhe sebheyili.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.