Ubuyela enkantolo osolwa ngokuthengela umkakhe ababulali

2017-09-26 07:39

Port Elizabeth – Ukuthethwa kwecala elibhekene noChristopher Panayiotou kanye nalabo asolwa nabo uSinethemba Nenembe noZolani Sibeko – kuzoqhubeka eNkantolo eNkulu ePort Elizabeth ngoLwesibili.

UPanayiotou kanye nasolwa naye, uNenembe noSibeko, babhekene necala lokubulala, ukwakha uzungu, ukuthumba, ukuphanga kanye nokubulala uJayde Panayiotou.

Umsolwa wesine, uSizwezakhe Vumazonke, okuthiwa uyena owabulala, washona ngaphambi kokuqala kokuthethwa kwecala.

OLUNYE UDABA: Kushone nezingane kweyenzeke eKZN

UJayde, owayenguthisha, wathunjwa engaphandle komuzi wakhe oseKabega Park, ePort Elizabeth, ngesikhathi elinde imoto ezombeka eRiebeek College Girls High School, ekuseni ngoLwesibili mhlaka 21 Ephreli 2015.

Watholakala eshonile esigangeni ngaphandle kwaselokishini laKwaNobuhle, e-Uitenhage, ngakusasa.

UMbuso uzama ukuveza ukuthi uPanayiotou uyena owayalela ukuba kubulawe uJayde.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.